Usethole amadlelo aluhlaza osanda kushiya kuZalo

2018-02-06 14:01

Johannesburg – Umlingisi ozogcina maduze ukubonakala kuZalo, nowake wazama inhlanhla kuma-Idols SA uSihle Ndaba usejoyine umdlalo weshashalazi osihloko sithi King Kong – The Musical.

USihle uzongena kulo mdlalo alingise indawo kaPetal njengoba usululelwe isikhathi uzotshengiswa sona, okungumhlaka-4 Mashi.

“Ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yomdlalo okuleli zinga. Ngaqala ukwazi ngeKing Kong ngisafunda enyuvesi kanti angikaze ngiyeke ukuwulandela lo mdlalo kusukela ngaleso sikhathi.

"Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ukuba yingxenye yomdlalo osuke wabophela izingqalabutho ezifana noMiriam Makeba, uCaiphus Semenya, uSophie Mgcina, uLetta Mbulu, uHugh Masekela noThandi Klaasen,” kusho uSihle esitatimendeni.

IKing Kong ilandisa ngempilo yomshayisibhakela owayedumile ngama-50s u-Ezekiel Dlamini, owayezibiza ngo“King Kong”.

Lo mdlalo utshengiswa eFugard Theatre kuze kube ngumhlaka-4 Mashi, kusukela ngoLwesibili kuya kuMgqibelo ngo-20:00 kuthi ngoMgqibelo nangeSonto utshengiswe ngo-16:00.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 12-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...