Useshayela ogandaganda owayengumdlali weDowns neBafana

2017-04-12 16:02

Johannesburg - Lowo owayengumdlali weMamelodi Sundowns neBafana Bafana uPapi Mbele uyazisola ngesinqumo asithatha esadlala ibhola, eqhutshwa yimpakamo.

UMbele, 38, usesebenzela iSedtrade, okuyinkampani eyakha imigwaqo, okuyimanje ifaka itiyela eHeilbron.

Ngesikhathi ekhuluma neSunday World kuleli sonto, uMbele uthe uyazisola ngokushiya iSundowns nakuba ayelulekwe nguNastasia Tsichlas [owayengumphathi weDowns] ngokungasithathi leso sinqumo.

Ngemuva kwesonto ejoyine iMoroka Swallows, iDowns yathengwa uPatrice Motsepe.

Uthi ngesikhathi inkontileka yakhe neDowns isisalelwe yizinyanga eziyisithupha ukuba iphelelwe yisikhathi ngo-2002, wafonela uNastasia embuza ukuthi izovuselelwa yini noma cha.

“Wangeluleka ngokuthi angingatatezeli ngoba wayesaseGreece ohambeni lwezinyanga ezimbili, wathi konke sizokulungisa uma esebuyile.”

OLUNYE UDABA: Uyelulama uBra Hugh ngemuva kokuwa

Uthi wayengenayo imenenja ngaleso sikhathi nokwenza wathatha isinqumo ngokuphuthuma, kanti ngemuva kwesonto uMotsepe uzothenga iDowns.

Uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi ozwakabo amaholo abo aphindaphindwa sekufike uMotsepe.

“Ngadlala ngokuzikhandla, ngaba umdlali ovelele ngonyaka wami wokuqala ngifike kwiSwallows. Ngokuhamba kwesikhathi ibhola lami laphela ngenxa yesinqumo engasithatha. Izinto aziphindanga zangihambela kahle.”

UMbele, owadlala ngo-2001 kowamanqamu e-CAF Champions League ne-Al Ahly, uthi engasalidlali ibhola impilo yabanzima kakhulu.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...