Usesendaweni engcono manje uRobbie: Ann Malinga

2018-01-02 13:59

Johannesburg – Umfelokazi kaRobbie Malinga uthi nakuba azi ukuthi umyeni wakhe usesendaweni engcono manje, ufisa nga angamthinta nje futhi okokugcina.

UMalinga udlule emhlabeni eneminyaka engu-49 ubudala ngosuku lukaKhisimusi ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza.

Inkonzo yokugcina yalesi sihlabani somculi ibibanjelwe eRhema Bible Church eRandburg.

U-Ann Malinga uthi wazama konke okusemandleni akhe ukusindisa impilo yomyeni wakhe, kodwa ukholelwa ukuthi uNkulunkulu ubenezinhlelo ezinkulu ngaye.

OLUNYE UDABA: Umunyu uKelly Khumalo evalelisa uMalinga

Ubegcwele kakhulu umunyu ukuba angakhuluma ngokwakhe kodwa obemele umndeni nguyena omfundele incwadi abeyibhalele umyeni wakhe, amchaze njengomuntu obenomthando olungenambandela.

Uchaze umyeni wakhe njengomuntu olwisane nomdlavuza kwaze kwaba sekugcineni.

"Ngigcwele izinyembezi, ngikubonile uphela, kodwa nakuba kunjalo ubulokhu unethemba futhi ubungikhuthaza ukuba ngiphile impilo yami ngingakhathazeki ngawe, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunomdlavuza.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...