Usephenduke usaziwayo esikoleni oshaya ingqomu

2017-08-12 14:00

Durban - USakhile Hlatshwayo odume ngelika-Killer Kau usengumfundi owenza ibanga 11 eLavela Secondary School eZola.

Lo mfundi oneminyaka engu-19 ubudala uphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana nge-video ayifake ezinkundleni eshaya ingoma ethi-Tholukuthi Hey.

USakhile uthi naye umangale kabi ngothando aluthole ezinkundleni waze wathola ithuba lokurekhoda no-DJ oshaya izingoma ezishisa izikhotha kuleli.

OLUNYE UDABA:Usaziwayo ubhalele umphathi weGagasi enengwa umdidiyeli

Lo mfundi uthokoze kakhulu ngethuba alitholile njengoba esephenduke usaziwayo kanti sebeqedile nokurekhoda no-Euphonik nenye intokazi eyaziwa ngelikaMbali.

Kungekudala, iNingizimu Afrika izothokozela ivideo yale ngoma, kubika iSunday World.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...