Usenohlelo lwakhe kumabonakude oshiye kuGenerations

2017-08-21 14:00

Johannesburg – Umethuli wezinhlelo kumabonakude kanye nasemsakazweni, uThando Thabethe, usejoyine isiteshi sikamabonakude, iTLC Entertainment, ngokusemthethweni.

Lo saziwayo kulindeleke ukuba abe nohlelo lwakhe lwezingxoxo kulesi siteshi.

Lolu hlelo oluzobizwa nge-Thando Bares All, luzokwethulwa ngokuqala konyaka ozayo kanti luzokwethulwa ngokubambisana nalowo owawina emncintiswaneni iTLC Next Great Presenter, uCarissa Cupido.

OLUNYE UDABA:U-DJ Sbu uxoxa ngobuhlungu bokulahlekelwa ngubaba wakhe

“Igxile ezinhlelweni eziyintandokazi zeTLC kanye nengqikithi ababukeli abayaziyo futhi abayithandayo, iThando Bares All, izogqugquzela abantu ukuthi bavuleleke futhi babe neqiniso ngezinto umphakathi ongase usabe noma ube namahloni ukukhuluma ngazo,” isitatimende esithunyelwe kwabezindaba sifundeka kanjalo.

Phakathi kwezinye zezihloko okulindeleke ukuba kukhulunywe ngazo kulolu hlelo kubalwa imizimba, izitayela izingajwayelekile, ukuba nqunu kanye nesithembu.

“Ngesikhathi iTLC ingithinta ukuba ngethule uhlelo, ngangijabule kakhulu. Ngingumlandeli omkhulu wesiteshi futhi ngikuthokozele kakhulu ukusebenza nesiteshi. Lokhu kimina kuyigxathu elibheke endaweni efanelekile ekusaseni lami embonini yezobumnandi.

"Angisakwazi ukulinda ukuqopha iThando Bares All kanye nokuthola ukuthi yini abantu baseNingizimu Afrika abayicabangayo ngezihloko ezibaluleke ngempela,” uThando usho kanjalo.

IThando Bares All izodlala kwi-TLC Entertainment DSTV (Channel 135) ngo-2018.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...