Usenkantolo uDJ owabonakala eshaya umkakhe ngespanela

2017-10-04 12:30

Johannesburg - Owesilisa ongu-DJ owabonakala kwi-video eshaya umkakhe ngesipanela kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eTembisa, empumalanga yeGoli ngoLwesithathu.

Kwi-video, eyasabalala enkundleni yezokuxhumana, kubonakala owesifazane osemotweni opha igazi ekhanda eshaywa nguKhombela Nthleko, odume ngelika-DJ Khomza.

UKhombela ulokhu egcinwe esitokisini ngemuva kokwenqatshelwa ibheyili ngenyanga edlule.

Kwi-video kuphinde kubonakale owesifazane okuthiwa nguThandeka Ndlovu ezama ukumehlisa umoya uNthleko.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isikhulu samaphoyisa ngocala lokweba

Kodwa nakuba babemkhuza, uDJ Khomza wayelokhu eqhubekile nokumshaya ngesipanela umkakhe.

Lesi sigameko senzeka egaraji likaphethiloli ku-R21.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula wasigxeka isenzo sikaNthleko, wathi kumele abolele ejele, ajeze ngezenzo zakhe.

- SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...