Usengumfelokazi owayelingisa kuMuvhango

2018-02-12 12:30

Johannebsurg - Kule mpelasonto edlule umlingisi owayedlala emdlalweni kamabonakude iMuvhango, uTsholo Matshaba, ushiywe ngumyeni wakhe uChris Matshaba owake wasakaza kuMotsweding FM kanye nakuNorth West FM.

Ngokusho kwelungu lomndeni elingathandanga kudalulwe igama lalo, uChris ugulile kanti wangeniswa esibhedlela kusukela ngoNovemba 2017.

Umndeni ucele ukuba unikezwe ithuba lokuzila ngasese kulesi sikhathi esinzima. 

OLUNYE UDABA:"Umkami usemncane kabi ukuthi angashiywa wumyeni wakhe, ngizoqinisela," uRobbie Malinga

UChris uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ekhaya elisesigodini sasePhalane (eRamokokastad) eNorth West ngoMgqibelo wangomhlaka-17 Febhuwari 2018.

Imbangela yokudlula kwakhe emhlabeni ibingakadalulwa. Nokho amanye amaphephandaba abika ukuthi ubenomdlavuza.

UTSholo noChris bashada ngo-2014 ngemuva kokuthandana iminyaka emithathu.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...