Usemakhandleleni umndeni kaDoctor Khumalo

2017-07-14 12:33

Johannesburg - UTheonada Khumalo, 25, oyindodakazi kaDoctor Khumalo ushonele esibhedlela ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

Ngokuthola kwephephandaba iDaily Sun, le ntokazi yayiseMelville ngeSonto nabangani bayo kanye nomyeni wayo.

Le ntokazi yahamba kule ndawo ngemuva kwengxabano nomyeni wayo.

Kuthiwa ayihambanga ibanga elide ngoba imoto yayo yohlobo lwe-VW Polo ishayise unqenqema lomgwaqo.

OLUNYE UDABA:Unkosikazi unekela izwe amaqiniso ngoDoc Khumalo

Ngokusho kukamngani wakhe, babone imoto kaKhumalo ibandakanyeke engozini endaweni engamakhilomitha ambalwa kusukela lapho abebengcebeleke khona.

Ugogo kaTheonada, u-Ettie Slabbert, uthe kubuhlungu kakhulu okubehlele.

“Kunzima ukukhuluma ngokushona kwakhe, engingakusho nje wukuthi impilo izoba nzima ngaphandle kwakhe,” kusho yena.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...