Usekolunye futhi ubishi uNico Matlala

2018-04-23 19:31

Johannesburg - Usobishini futhi usomabhizinisi ohlezi esematheni uNico Matlala.

Kulokhu lolu daba aluthinti abantu besifazane, kodwa lumayelana namateku nesiqholo.

Ngokusho kukaSerg "International Blesser" Cabonge, uNico weba impahla yemali elinganiselwa ku-R42 000.

"Kwakuwumhlaka-1 Ephreli, ngesikhathi sisephathini kuRivonia Boulevard, eSandton, eGoli.

"Ngezwa ngandlebenye ukuthi uNico uyeba futhi akathembekile. Ngesikhathi ngiphumela ngaphandle ngiyobheka imoto yami, uNico wayephethe amateku ami eJordan. Ngangicabanga ukuthi uzowabuyisela, ngabe sengibuyela ngaphakathi," kusho uSerge.

OLUNYE UDABA:Osaziwayo bachitha amahlebezi okubanga indoda ngesithombe

Uthi babe sebesuka la ababehlezi khona baya kwenye indawo. "Sasihlele ukuba nephethi, kodwa yena akazange afike kuyo. Ngabe sengimyeka kanjalo."

USerge utshele abephephandaba iDaily Sun ukuthi akazange azitshele ukuthi uNico engamebela ngoba usefana nomndeni kuye.

"Ngesikhathi ngivuka ekuseni, kwaba khona into ethi angiyobheka izimpahla zami ebhuthini lemoto yami," kusho uSerge.

"Ngesikhathi ngivula, ngabona ukuthi asisekho isikhwama sami seLouis Vuitton (LV) ebesinamateku eJordan abiza u-R15 000, isiqholo sami sikanokusho naso singasabonwa.

"Yonke into eyayikulesi sikhwama iyinani lika-R42 000."

Leli blesser lithe ngesikhathi likhuluma noNico, latshelwa ukuthi lingakhathazeki ngoba uNico walitshela ukuthi uyazi ukuthi zithatwhe ngubani lezi zimpahla.

"Wasola enye intombazane afika nayo kimina. Ngamtshela ukuthi akushoyo akuhlangani, ngathi akabuyise izimpahla zami noma ngizomvulela icala."

UCaptain Grenville Meyer wamaphoyisa aseSandton uthe: "Ngingakuqinisekise ukuvulwa kwecala. Kusolwa ukuthi ummangali wanikeza umngani wakhe okhiye bemoto ephathini.

"Ummangali wathola esesendlini yakhe ukuthi webelwe izimpahla."

UNico uthe: "Angifuni ukukhuluma ngoSerge. Ngiyamazi usebenza kanjani."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...