Usegunjini labagula kakhulu esibhedlela umlingisi wakuleli ohlinzwe inhliziyo

2017-06-28 16:00

Cape Town – Inkakha yomlingi wakuleli odumile, uMarius Weyers, ithola ukwelashwa nalapho ilulamela egunjini labagula kakhulu esibhedlela iBusamed Paardevlei Private Hospital eKapa.

Ngokombiko wentatheli yeNetwerk24, lo mlingisi oneminyaka engu-72 ubudala uhlinzwe ngempumelelo ngesikhathi efakelwa i-valve entsha enhliziyweni.

OLUNYE UDABA:Umlingisi uthi wabekwa icala lokushayela ephuzile ngephutha

UWeyers ungumlingisi wakuleli osemkantshubomvu kanti usedlale imidlalo eminingi okubalwa imidlalo ewuchungechunge kanye namafilimu.

Abaningi bamazi kakhulu ngomsebenzi wakhe kumfilimu okubalwa kuwo iBlood Diamond, iThe Gods Must Be Crazy kanye neGandhi.

Ifilimu yakamuva alingisa kuyo izoqala ukubukwa emabhayskobho akuleli ngoSepthemba kulo nyaka. UWeyers udlala indawo kaGeneral Piet Visagie kule filimu edidiyelwe kuleli.

Useke wabonakala futhi naku-7 de Laan.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...