Usaziwayo ‘washaya wakhahlela wase ethuka umkakhe’

2016-09-17 15:01

Johannesburg – Umethuli wezinhlelo ophinde alingise, uTumisho Masha, uvele enkantolo ngezinsolo zokushaya umkakhe, wazama ukumnklinya wase ephahlaza iselula yakhe odongeni bexabana.

UMasha ubevele enkantolo ngoLwesihlanu ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza nokucekela phansi impahla, kubika iSaturday Star.

Umkakhe uMtongana wamvulela icala kulandela lesi sigameko okuthiwa senzeka ngoJulayi nonyaka emzini wabo oseDainfern, eGoli.

OLUNYE UDABA: 'Kusangane' abalandeli bebona intandokazi yabo kwiScandal

Kuthiwa uMasha wacikwa ukuthi uMtongana akafuni ukulala ekamelweni labo ngalobo busuku.

UMtongana wabe esebabela emaphoyiseni wayofuna incwadi yesivimbezelo ukuze avikeleke kumyeni wakhe.

Umbiko weSunday World wangenyanga eyedlule waveza ukuthi uMasha kusolakala ukuthi washaya ngempama, wakhahlela umkakhe wase emdonsa ngezinwele wambiza nangesf*be.

UMasha uyaziphika lezi zinsolo, uthi yebo baba nengxabano nomkakhe kepha akaze amthinte ngezakhe izandla.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...