Usaziwayo walaxaza umama wengane ngokumthumela ingoma yokuhlukana

2018-01-22 16:12

eGoli -  Owayengumlingisi wohlelo iSidingo futhi engumethuli wezinhlelo uTshepo Maseko walaxaza umama wengane yakhe kungalindele muntu.

Lokhu kwamdida kakhulu umama wengane ngoba lo mlingisi wayethembise ukuthi uzokhokha amalobolo ngo-2008.

Esikhundleni sokuba azothi e baba, uMaseko wathumela intombi le ingoma ethi, It Must Have Been Love, eculwa nguRoxette.

OLUNYE UDABA: Basale bekhexele abebehalalisela uBonang ngokuthenga iRust en Vrede

Lo mlingisi wagcina lapho ukuxhumana nale ntokazi, waze wabuya ngemuva kweminyaka emihlanu esezocela ukuba indodakazi yakhe ibe yingxenye yomshado wakhe njengoba esethatha umakoti.

Lokhu kanye nokunye kuvele kuleli sonto njengoba uMaseko kanye nomama wengane yakhe bebekene ngeziqu zamehlo kubangwa imali yesondlo.

Lo wesimame igama lakhe ngeke lidalulwe ukuze kuvikeleke ingane uthi wahlangana nalo mlingisi futhi baqala ukuthandana ngo-2004.

Kuthiwa uMaseko unwabile ukukhokhela imifaniswano yesikole yengane goba umama wayo unciphise isikhathi asichithe nendodakazi yakhe ngamaholidi.

Lo wesimame uthe: "Into ayikhokhelayo yimali yesikole kuphela kodwa akayithengi imifaniswano yesikole nezinye izinto. Lokhu ukwenza nje ezinye izingane zakhe uzikhokhela konke futhi zifunda ezikoleni ezibizayo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...