Usaziwayo uthi wayehlukunyezwa ngoba emuhle

2017-05-17 12:31

Johannesburg - Umethuli wezinhlelo obuye asebenze njengomsakazi uThembisa Mdoda uphumele obala ngokuhlukumezeka kwakhe ezandleni zeziqhwaga.

UMdoda uveze lokhu ngesikhathi enengxoxo nodadewabo ohlelweni iReal Talk with Anele lapho lezi zelamani zazixoxa ngokukhula kwazo.

“Ngesikhathi ngifike ePolokwane ngiyoqala uGrade 8, amantombazane ayefunda uGrade 12 ayengiphathisa izikhwama zawo ngenkani. Ayethi afuna ukuwaqondisa amantombazane amahle njengami,” kusho uMdoda.

Le ntokazi eyaduma kakhulu ngokwethula uhlelo lwemishado i-Our Perfect Wedding ithi yayingaqondisisi ukuthi kungani kuhlukunyezwa amantombazane amahle.

OLUNYE UDABA:Omunye usaziwayo othi uzoduba ama-awards uma uBabes Wodumo engawini

Uthi lezi zehlakalo ezazenzeka kulesi sikole abebehlala kuso ngaphakathi zenza kwabanzima ukuthi ajwayelane nabantu.

“Ngangingaqondisisi ukuthi kungani ngangihlukunyezwa. Anginendaba nobuhle, ukuhlukunyezwa kuyahlukumezana,” kuqhubeka yena.

Le ntokazi ithe yize kwakunzima, kukhona okuhle akuzuzile ngokuhlala ezindaweni ezahlukene mgoba yakwazi ukufunda izilimi ezahlukene, kubika iTimeslive.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...