Usaziwayo uthi kunzima ukujola nokuthemba amadoda akuleli

2018-03-14 07:41

Johannesburg - Uvule isifuba usaziwo uPearl Thusi nakuba kuvunguza amahlebezi athi usezitholele uthando olusha kulandela ukwehlukana nesoka lakhe uRobert Marawa.

Ngokusho kukaPearl, akanalo isoka futhi uthi ukubona kunzima ukuba bobudlelwano namadoda aseNingizimu Afrika.

Lesi sihlabani sikamabonakude esiphinde sibe wumlingisi sithi kunzima ukujola nokuthemba amadoda akuleli.

Ukulingisa kukaPearl phesheya kwezilwandle sekumvulele nomnyango wokuba azitholele isoka emazweni.

OLUNYE UDABA:UPearl Thusi ‘akanakuphawula’ ngokuqinisekisa kukaRobert Marawa ukuthi bahlukene

Amahlebezi athi lo saziwayo ujola nomdlali we-NBA aseke azungeza kodwa yena ubengakabuqinisekisi ubudlelwano.

Empeleni, ngokusho kukaPearl, usenezinyanga ezingu-8 engajoli.

Lesi sihlabani seCatching Feelings siveze lokhu esiteshini somsakazo iTouch HD.

UPearl uthe kuthanda ukuba nzima kuye ukujola eMzansi ngenxa yodumo lwakhe, wathi yingakho esekhethe ukuluqalaza ngaphandle kwaseMzansi uthando.

 - Daily Sun




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 9-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C Light showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...