Usaziwayo uthi akuyona "inkomo" yakhe esesithombeni

2016-06-06 11:33

Durban – Ingqephu ibihamba phambili emcimbini wokubungaza abaculi abavelele ama-SAMA etThekwini ngale mpelasonto, kubika iDailysun.

Osaziwayo abaningi bebeshaye izingubo ezingafani kodwa uyedwa usaziwayo oshiye abantu bengawuvali umlomo.

Kubonakala sengathi bekungewona amathanga kuphela abehleli obala kwingubo kaBoity njengoba izithombe zakhe zigcwele izinkundla zokuxhumana abantu bethi imomozi yakhe ihleli obala.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa akwaMetro amise usaziwayo efuna ukumbingelela

Yize kunjalo lo saziwayo uyakuphika lokhu, uthi kubonakala isithunzi sembali okuhlotshiswe ngayo ingubo yakhe hhayi isitho sakhe uqobo.

Nomama wale ntokazi uthathele ku-twitter ezwakalisa ukudinwa kwakhe ngezinhlamba zabantu bethuka indodakazi yakhe kube kubonakala ngokusobala ukuthi asiveli isitho sendodakazi yakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...