Usaziwayo ushiye iMetro FM wajoyina i-East Coast Radio

2016-08-15 14:30

Johannesburg - Usaziwayo wodumo kumabonakude nasemsakazweni uPhat Joe ogamalakhe lokuzalwa nguMajota Khambule usejoyine umsakazo waKwaZulu-Natal kwelikabanana i-East Coast Radio kulandel ukushiya iMetro FM.

UPhat Joe uzoqala ukusakaza ngoMsombuluko ntambama eshayela uhlelo oluqala ngezithuba zabo-15:00 kuya ku-18:00.

OLUNYE UDABA: Ujoyina Umlilo uKhanyi Mbau

"Leli yithuba elihle futhi elithokozisayo kumina. Angeke ngigcine ngokuphola eThekwini kodwa ngizoba nezingxoxo nabalaleli abahle bomsakazo i-ECR nsuku zonke. Ngicabanga ukuthi kuzobamnandi sisonke," kusho uPhat Joe.

UPhat Joe ubesakaza uhlelo lawasekuseni kuMetro FM ngezimpelasonto ngezithuba zabo-05:00 kuya ku-09:00.

Omunye wabaphathi bomsakazo i-ECR uZane Derbyshire uqinisekise ukuthi uPhat Joe akasekho kwi-Metro FM kodwa usejoyine i-ECR, kubika iSowetanLive.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...