Usaziwayo uphoxe umlandeli obegxeka ukuthi usenentombi entsha

2017-11-29 16:01

eGoli - USipho “Psyfo” Ngwenya onguphrojusa womculo uphoxe umlandeli obemgxeka ngokufaka isithombe sakhe nentombi entsha ezinkundleni zokuxhumana, kubika iSowetanLive.

Lo saziwayo ubesethandane nomethuli wezinhlelo uHulisani Ravele isikhathi esingaphezu kweminyaka eyishumi, kanti abantu bese bebheke usuku lomshado.

Kwashaqeka abaningi ekuqaleni kwalo nyaka kuvela amahlebezi wokuthi laba bayahlukana.

OLUNYE UDABA:Bahlukene phakathi ngokubhalwe ngoTshatha noNgizwe

Kusukela lapho uPsyfo usephumele obala ngobudlelwane bakhe nentombi entsha, u-Aamirah, kanti ngeSonto wafaka isithombe sakhe nale ntombi enkundleni yezokuxhumana u-Instagram eyifisela usuku oluhle lokuzalwa.

Yize bebaningi abebencoma lezi zithandani, ukhona ozidalele amazinyo abushelelezi egxeka ukuthi kungani asheshe aqhubekela phambili ngempilo yakhe ngemuva kokuhlukana noHulisani.

UPsyfo uphendule wathi: “Musa ukuba yisiphoxi sisi. Bheka izindaba zakho, nami ngizokwenza njalo.”

And then this one?! ????‍??????‍???????

A post shared by SIDWELL (@sidwell_n) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...