USaziwayo ugonyuluka ngosizi lwe-EX eyazibulala

2017-09-09 15:35

Durban - Usaziwayo ongumsakazi uPhat Joe ugeqe amagule ngosizi lwakhe ngemuva kokulahlekelwa yisithandwa sakhe esazibulala.

Lo methuli wezinhlelo uveze lokhu ngesikhathi evakashele ohlelweni lwasekuseni kuMetro FM iFresh Breakfast ngoLwesihlanu.

Kule ngxoxo uPhat Joe ukhulume kabanzi ngemizwa yakhe ngaokhu okwenzeka.

“Kwangidida kakhulu, sasihambe ndawonye siyobukela ifilimu, kanti lokhu wakwenza ngemuva kwalokho nokusho ukuthi sasizikhipha okokugcina ngaloluya suku ngoba ngemuva kwalokho sahlukana.

Into eyasihlukanisa wukuthi wayefuna ukuya eNgilandi,”kusho yena.

Uthi wathola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi yayibalulekile into ayefuna ukuyiyela eNgilandi,

OLUNYE UDABA:bekungeyegundane nekati osaziwayo belwela oshadelwe

“Wayefuna ukuyoxhumana nobaba wakhe, kodwa ubaba wakhe akazange amamukele kahle, wayengafuni ngisho nokumbona. Yizo izinto ayebhekene nazo lezi mina ngingazi.

“Ngezwa ngalokhu esebuya, kanti ngalolo suku ngangizikhiphile nomama wendodana yami ngesikhathi engishayela ucingi,”kuqhubeka yena.

Uthi baba nengxabano kanti ngosuku olulandelayo yamfonela le ntombi imtshela ukuthi isizilimazile kodwa akazange akunake lokho.

Uthi wezwa esethola ucingo ngemuva kwamahora ambalwa esetshelwa wumngani wakhe ukuthi le ntokazi isizibulele.

“Ngavele ngaphela amandla, ngangazi ukuthi kumele ngenzenjani futhi bangitshela ukuthi useshonile,”kusho yena.

Uthi le ntokazi uzohlezi eyikhumbula njengomuntu okhululekile nonomoya omuhle.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...