Usaziwayo ubhekene necala lokushaya umama wengane

2017-08-13 10:02

Johannesburg - Owayengumethuli we-Trending SA uShaka Sisulu usejoyine uhlu losaziwayo abahlukumeza abesimame ngenyanga yembokodo.

USisulu waboshwa ngesonto eledlule ngemuva kwesigameko sokuhlasela umama wengane yakhe uLerato Sedi, eSandton.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi laba babe nengxabano mayelana nemali ayikhiphayo ukondla ingane yabo.

ULerato utshele amaphoyisa ngesitatimende ukuthi inkinga yaqala ngesikhathi ethumela uShaka umlayezo mayelana nesondlo sengane.

OLUNYE UDABA:Umculi uboshelwe ukushaya umakhwapheni - Umbiko

“Ngesikhathi ngifika emzini wakhe, ngamchazela ukuthi angikayitholi imali engangiyicelile yengane. Wangitshela ukuthi ngeke anginike,”kusho lo wesimame.

Le ntokazi ithi ingxabano yaqala lapho esabisa khona lo saziwayo ngokumyisa enkantolo.

Lo saziwayo waboshwa kodwa wanikezwa ibheyili ka-R500. Kwakumele abuye avele enkantolo kodwa wadla phansi ebona abezindaba abebefike kule nkantolo ukuzolalela icala likaMduduzi Manana.

Amaphoyisa asenkantolo athi sekukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...