Usashaqekile namanje uGog'Flo kulandela ukwebelwa imoto

2018-05-09 18:03

Johannesburg - Umlingisi u-Ivy Nkutha odlala indawo kaGog'Flo kwiGenerations: The Legacy etshengisa ku-SABC 1 phakathi nezinsuku, namanje usashaqekile kulandela ukwebelwa imoto yakhe phambi kwase-SABC Henley Studios e-Auckland Park, eGoli.

Imoto kalo mlingisi yebiwe ngesikhathi esamatasa nokushutha isiqephu somdlalo ngoMsombuluko.

Le nkakha kwezokulingisa ithe ayikholwanga ngesikhathi ifica enye imoto lapho ebipake khona eyayo, izigebengu sezibaleke nemoto yayo yohlobo lweNissan Hard Body empunga.

"Ngafika kwa-SABC ngezithuba zabo-11:40 ekuseni ngaze ngaqeda ngezithuba zabo-16:00. Ngesikhathi sengiphuma, ngaqalaza imoto la engangiyipake khona ngangayithola," esho.

OLUNYE UDABA:Ubeyisisulu sobugebengu owodumo lweGenerations

"Ngangishaqekile ngama kwaphela umzuzu ngimangele. Ngangididekile, ngaze ngaabheka imoto yami phansi kwezinye."

UNkutha, 75, uvule icala esiteshini samaphoyisa aseBrixton. Uthe amaphoyisa aze athembisa nokubheka kumakhamera akwa-SABC.

UNkutha uthi wayekhathazekile ngokuthi uzofika kanjani ekhaya, kodwa manje usebeke konke kuNkulunkulu.

Lo mlingisi owazalelwa wakhulela e-Alexandra, wafundela ubuhlengikazi eSt Thomas Training Institution useke wabonakala nakweminye imidlalo okubalwa kuyo iSoul City, Muvhango, Isidingo, City Ses'La neZabalaza.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela uqinisekise ukuvulwa kwecala esiteshini samaphoyisa aseBrixton kodwa yima lizofakwa emabhukwini.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...