Uqale kahle owamaSatma Awards

2017-09-30 15:44

Durban - Iqale kahle kakhulu impelasonto ebilindwe ngabomvu yama-Satma Awards.

Kulo nyaka lo mcimbi usesifundazweni iNorth West kanti uzokuba kulesi sifundazwe iminyaka emithathu.

UDingaan Mokebe-Khumalo odlala indawo kaJames Motsamayi kumdlalo uMuvhango uyena obephethe uhlelo lwangoLwesihlanu lapho bekuvulwa ngokusosikweni lo mcimbi.

Lomcimbi ububanjelwe ehhotela iMmabatho Palms.

Abantu bafike ngobuningi babo kudliwe ingqephu kanti ngesimo sezulu besibavuma.

OLUNYE UDABA: UZodwa Wabantu 'unqabe' ukuthatha isithombe noSkolopad 

Kulo mcimbi bekuklonyeliswa labo abadlale kahle kumncintiswano wegalofu.

Lo mdlalo udlalwa njalo ngosuku olwandulela umcimbi wezindondo.

Ngemuva kwalokho, kuqale phansi ubumnandi kunandisa abaculi abahlukahlukene.

Umrepha uFifi Cooper, iThe  Lagacy, KO Kanye noDJ Bongz ngabanye osaziwayo abafike bashisa ingoma kamandi.

Kuze kwasa abathandi bomculo beshaya amagwaragwara.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...