UProfessor wethule inkampani yakhe eqopha umculo

2017-09-18 16:00

Durban - Umculi we-Kwaito osanda kwethula isitebela sakhe esisha somculo uMkhonzeni "Professoer" Langa unconywe kakhulu ngokuziphatha kwakhe.

NgoLwesine ntambama, lo mculi, kanye nabanye osaziwayo nabezindaba bahlanganyele endaweni yobumnandi eGagasini enkabeni yedolobha iTheku lapho abethula khona inkampani yakhe entsha.

uProfessor wethole isitebela esaziwa ngokuthi yi-Propper Files nokuyilapho athule khona nabaculi abangaphansi kwale nkampani.

OLUNYE UDABA:Akasekho emhlabeni umculi kaMaskandi wodumo

Kulo mcimbi, bekukhona nabaphathi bakhe u-DJ Oskido, oncome indlela azithobe ngayo lo mculi.

"Ngimazi kudala engakangeni nakule mboni yomculo. Wayehlale efika esitudiyo ezobukela sisebenza. Ufana nelungu lomndeni kimina ngoba kudala ngiwa ngivuka naye.

Uyohlezi eyilunga lomndeni waseKalawa ngoba sizomsiza kakhulu kwezinye izndawo mayedinga usizo lwethu.” Kusho u-Oskido.

UDudu Khoza ongumsakazi woKhozi FM naye obekhona, uncome uProfessor ngalo msebenzi washo nokuthi ufana nendodana yakhe.

Esethula inkulumo yakhe, uProfesser ubonge uDj Oskido ngokumnika ithuba, wamkhulisa kule mboni yomculo futhi waba naye kwaze kwaba lapha.

Abanye babaculi abajoyine lesi sitebela kubalwa iqembu iMalini, Avante, Emza, Dj Oros kanye nabanye.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...