UPhuzekhemisi uxolisile “ngenhlamba” okuthiwa wayithuka

2016-07-12 17:34

Durban – Inkakha emculweni kamaskandi, uPhuzekhemisi, uyaphika ukuthi washo inhlamba emcimbini iMpucuzeko Maskandi Festival, owawusePeople’s Pak, eThekwini.

Kuthiwa le ngwazi yakhuluma le nhlamba ngesikhathi kungena indodakazi yayo esteji uMbalenhle, yathi “yindodakazi yami le, akusona isif**e engisicoshe emgwaqeni”.

UPhuzekhemisi uthi abantu bayamsukela, yena wathi akusona isifede lesi, hhayi isif**e.

OLUNYE UDABA: Ushisa izikhotha uPhuzekhemisi

“Ngathi yisifede mina ngichaza umuntu ongazithandi futhi ongathandi nokwenza into enhle, isinyemfu ngamanye amazwi,” esho exoxa neSolezwe.

UPhuzekhemisi uhlonishwe wuMnyango wezobuCiko namaSiko ngendondo ngegalelo lakhe emculweni kamaskandi.

“Ukujabula kwami kwasheshe kwaphela ngoba sengiphoxwa elokuthi ngethuka inhlamba. Ngiyaxolisa kakhulu uma kukhona abacabanga ukuthi ngangithuka, inhlamba angiyisebenzisi,” eshweleza. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...