Uphrojusa weMuvhango uthi ayikho imali yokukhokhela abalingisi

2016-10-10 19:31

Durban - Umphathi wohlelo oluyintandokazi iMuvhango uDuma Ndlovu useveze ukuthi ayikho imali yokukhokhela abalingisi, kubika iTimeslive.

Isizathu salokhu wukuthi inkontileka yalolu hlelo ne-SABC yaphela ngenyaka naNcwaba kanti ayikaze ivuselelwe kuze kube yimanje.

Lokhu kulandela amahlebezi wokuthi ithimba eliqopha lolu hlelo lingenele isiteleka sezinsuku ezine ngemuva kokungalitholi iholo labo.

OLUNYE UDABA:Bazobusiswa ngentombazane abalingisi bakuleli

Umphathi walolu hlelo uthe ingamampunge eyokuthi abasebenzi batelekile kodwa batsheliwe ukuthi bake bame ukusebenza ngoba ingekho imali yokubaholela.

“Ngakusho lokhu ngaphambilini ukuthi inkontileka yethu ne-SABC yaphela , yingakho sathumela abasebenzi imilayezo yokuthi bame ukuza emsebenzini, asikho isiteleka esikhona,’ kusho uNdlovu.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...