Uphrojusa weMuvhango uthi akabadingi abangenazo iziqu zokulingisa

2018-03-09 16:00

Johannesburg - Uma uhlele ukuyozama inhlanhla yokuba ngomunye wabalingisi bomdlalo wakumabonakude otshengisa ku-SABC2, iMuvhango, ungenazo iziqu kuyokuphoqa ukuba uphinde ucabangisise.

Umqondisi nophrojusa omkhulu walo mdlalo, uDuma Ndlovu uxwayise bonke abalingisi abasafufusa ukuba bangazami uma bengenazo iziqu.

Kamuva nje lo mdlalo usuvaleliswe yidlanzana laba lingisi, okubalwa kubo uSindi Dlathu, uPhindile Gwala noRaphael Griffiths.

Ezinyangeni ezimbalwa ezilandelayo kuzoshiya omunye umlungisi ophinde abe ngumculi, uBrian Themba, odlaa indawo kaRanthumeng Mokoena.

OLUNYE UDABA:Umqondisi wodumo ezinsolweni zokubhidliza uZalo

UDuma utshele iSunday World ukuthi akakholelwa ekutheni abantu abangenazo iziqu ze-Drama (zokulingisa) bangakwazi ukulingisa kahle.

"Kuqabukela ngithatha umuntu ongenazo iziqu zokulingisa ngaphandle uma kuwumuntu osebe kulo mkhakha isikhathi eside," esho.

UNdlovu uqhube ngokuthi umuntu ofuna ukulingisa kumele ahambe aye esikoleni ayokufundela, yingakho kunamanyuvesi.

"Uma ufuna ukuba wudokotela uya esikoleni sodokotela, kanjalo uma ufuna ukuba wummeli uya esikoleni ayofundela ubumeli, njalo njalo," esho.

Kuthiwa lo mdlalo unabalingisi abaningi abakufundele ukulingisa uma kuqhathaniswa neminye imidlalo ekhona ezweni.

"Iningi lentsha elingisa kuMuvhango ifunde ezikoleni ezifana ne-Afda, yiTshwane University of Technology kanye neDurban University of Technology."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...