Uphindiselwe ekhaya oweSidingo 'ongakwazi ukuziphatha'

2016-03-07 10:00

Johannesburg - Umlingisi womdlalo wakumabonakude iSidingo, uMotlatsi Mofatshe, usolwa ngokuphindiswa ngumama wakhe ekhaya.

Iphephandaba iSunday Sun ithi uMotlatsi odlala indawo kaSechaba Matabane kwiSidingo nonkosikazi wakhe uMillicent Nkangana baphoqwe ukuba bayohlala nabazali baMotlatsi ngezinsolo zokungakwazi ukuziphatha.

Umthombo osondelene nomndeni uthe: "Umama wakhe uthe uSechaba uzwana nabantu abangalungile."

OLUNYE UDABA: Kuthuke umndeni kuquleka unkosikazi womculi

Lo mthombo uphinde wathi uMillicent akasabonwa ngoba usekhathele izindlela zikaSechaba zasebusuku. Laba bobabili bashada ngo-2014.

"Uziphathisa okomuntu ongashadile. Kunezinsolo zokuthi imali uyisebenzisa budedengu,"kusho lo mthombo.

Omunye umthombo uthe uMotlatsi uqinisekise ukuthi usebuyele kubo nonkosikazi wakhe uMillicent.

"Wasitshela ukuthi azikho izinkinga emshadweni, kodwa unamanga," kusho umthombo.

AbeSunday Sun bavakashele uMatlatsi, eZola, eSoweto kodwa bangamfica. Umakhelwane wakhe uMike Msibi waqinisekisa ukuthi usahamba uMatlatsi.

Unogada efulethini lakhe uthe: "USechaba uyafika aphinde ahambe.

"Ngokujwayelekile usuke ehamba yedwa, asisamboni unkosikazi wakhe."

Umama kaMatlatsi onqabile negama lakhe uthe:"Khulumani noMatlatsi kuqala ukuze ezonivumela ukuthi ngikhulume nani.

"Futhi ngicela nitshele imithombo esondelene nomndebni ukuthi ngithe ibolile."

UMatlatsi uvele wathukuthela ngesikhathi kukhulunywa naye, wangaqonisekisa lutho futhi wangaphikisa lutho, wasongela ithimba leSunday Sun.

"Nikuthathaphi lokho? Uzongithola wena!

"Nilokhu nikhuluma ngezinto eningazazi.

"Usuka la osuka khona uyala engihlala khona uyobheke ukuthi ngihlala nobani.

"Uya emznini kamama wami uyobuza ngezindaba zami.

"Nihlanganaphi? Nicabanga ukuthi ningobani nina?" wavala ucingo uMatlatsi.

Abephephandaba babe sebezama ukuxhumana nonkosikazi wakhe, uMillicent kodwa akatholakalanga ephawula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...