'Uphezu kwezingxoxo naboKhozi FM oshiye 'kungekuhle' kuGagasi FM'

2017-02-19 16:01

Johannesburg - Umlingisi ophinde abengumsakazi, uKini Shandu kuthiwa angase ajoyine umsakazo omkhulu, uKhozi FM.

Lokhu kungokusho kwemithombo esondelene noKini ngemuva kokuthuthela kwakhe eGoli kungalindelekile.

Umthombo uthe: "Kusukela ekupheleni konyaka ofile kulokhu kuqhubeka izingxoxo phakathi kwaKini nabasoKhozini, kudingidwa inkontileka yakhe."

Omunye umthombo uthe kwasimangaza ukuthi uKini avele afulathele iTheku, ashiye nomsebenzi wakhe wokusakaza kwiGagasi FM engenalo icebo.

"Uma ethola onke la mathuba, ngabe likhona yini iphutha uma ewasebenzisa ngenhloso yokukhulisa igama lakhe?" kubuza umthombo wesibili.

Umthombo wesithathu uthe uKini wayesezinxushunxushwini nabeGagasi Fm kulandela ukushiya kulo ngaphandle kwesixwayiso kodwa angazi ukuthi lezi zinxushunxushu zaphetha kanjani.

OweGagasi FM uKhulekani Shandu uthe: "Njengamanje, akukho okusha esikwaziyo ngaphandle kokuthi udaba lwethu lukubameli bethu.

"UKini uzwakalise isifiso sakhe sokubonana nomphathi wesiteshi kodwa okwamanje lokho bekungakenzeki."

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago uthe: "Angazi noma uKini uphezu kwezingxoxo yini naboKhozi FM."

UKini akatholakalanga ephawula. 

 - SundaySun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...