Uphenduke inyama uMseleku izintombi zimfuna ngapha nangapha

2017-07-03 12:32

Durban -  Bezijaha utalagu izintokazi kuMseleku wodumo lohlelo Uthando Nes'thembu, okunguhlelo lwakhe oluveza impilo yakhe nesithembunjengoba enamakhosikazi amane.

Bezingazibekile phansi izintokazi zifuna ukuthatha izithombe naye ikakhulukazi izidudla.

Kubonakalile ukuthi izintokazi ezondlekile ziyazifela kakhulu ngaye kwazise phela namakhosikazi akhe akhona emzimbeni.

UMusa Mseleku utheleke emjahweni wamahhashi  iVodacom Durban July eGreyville eThekwini etendeni le-Afrotainment  ehamba nabo bonke abafazi bakhe kodwa azikwazanga ukuzibamba izintokazi zishintshana ngaye zonke zifuna ukuthatha izithombe naye.

Enye yezintokazi ebisuka eSoweto eGoli uNana Vilakazi akakufihlanga ukuthi uyazifela ngoMseleku njengoba eyindoda eqotho ethanda abafazi bayo.

OLUNYE UDABA:AbeTwitter basola ukungezwani kwamakhosikazi kuThando Nes'thembu

“Ngijabule kakhulu ukubona uMseleku, nohlelo lwakhe alungiphuthi ngoba ngiluthanda kakhulu, ngiyachezeka indlela ayiyo. Uyindoda ewukhathalele umndeni wayo nokuthi ahambe nabafazi bakhe bonke kuyakhombisa ukuthi ubakhathalele kakhulu.”

Amakhosikazi akhe ebezihlalele ebonakala ukuthi awanankinga njengoba umyeni wabo usengumuntu wabantu, njengoba besho nasohlelweni lwabo ukuthi bayamuthanda futhi bayamuseka  kukho konke.

Abanye besifazane ebebehleli ngaphakathi etendeni bebekhuluma bodwa bethi uma engase azethule kubo bangagxuma bahlale.

Uthando Nes'thembu's MaCele, Musa, MaKhumalo and MaNgwabe Mseleku. #VDJ2017

A post shared by HuffPost SA (@huffpostsa) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...