UPenny Penny uzohlawuliswa ngodaba lukaCassper Nyovest - Umbiko

2016-04-04 10:01

Johannesburg -  Kubonakala kushubile kuPenny Penny kanye nephephabhuku eliphuma masonto onke njengoba bezohlawuliswa izigidi gidi ngendaba kaCasper Nyovest, kubika iSundayworld.

UMuzuki Phoolo okungumama wesihlabani esivelele uCasper Nyovest ufake isicelo sika-R 1.5 million enkantolo ehlawulisa umculi uPenny Penny kanye nephephabhuku ngamahlebezi athi nguyena ubaba walo mrepha.

OLUNYE UDABA: Ngingenza ngaphezulu kukaR2m ngobusuku - Cassper Nyovest

I-Sunday  world ibike ukuthi u-Penny Penny ogamalakhe langempela ngu-Eric Nkovani uzowuzwa umoya ngemuva kokuvuma kwiphephabhuku iDrum ngo-Febhruwari ukuthi uyena ubaba kaNyovest.

Ngokwamasamanisi enkantolo umama kaNyovest ongumfundisi eSaint John's Apostolic Church,ufuna imali engango-R1.5-million kulo mculi kanye nephephabhuku ngokwehlisa isithunzi sakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Scattered tstorms late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Sprinkles early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...