UPenny Penny ubaphoxe kabi abathi isiNgisi sakhe "siphashile"

2017-01-12 13:01

Johannesburg - Inkakha yomculo we-Xitsonga uPenny Penny uphenduke undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mculi osenohlelo lwempilo yakhe oludlala kuMzansi Magic olubizwa nge-Papa Penny Ahee uthi kuyamjabulisa ukuthi baningi abantu abebebukele ukuqala kwalolu hlelo.

Lo mculi utshele abe-TshisaLive ukuthi ulijabulele leli thuba lokubonisa umphakathi ukuthi uphila kanjani, ubuye wathi ngeke akhulume ngokugxekwa kwakhe ngokungakhulumi isiNgisi esiqondile.

OLUNYE UDABA:Kugwetshwe owabulala owayengasikhulumi isiNgisi

“IsiNgisi akulona ulimi lwami futhi ngeke ngiziguqule, ngiziguqulele abanye abantu. Angizalwanga ngikhuluma isiNgisi, isiNgisi ngisikhuluma kuphela uma kunesidingo futhi angigxili kusona,”kusho yena.

Lo mculi uqhubeke wathi okubalulekile wukuthi abantu akhuluma nabo basuke beyiqondisisa into ayoshoyo.

Lo mculi uthe ubehleli nomndeni wakhe bebuka lolu hlelo ludlala okokuqala ngoLwesithathu futhi baluthokozele kakhulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...