UPearl Thusi umenyezelwe njengenxusa lomcimbi wezamafilimu

2017-08-18 19:30

Cape Town - Kulo nyaka umcimbi iCape Town International Film and Market Festival uhlanganisa iminyaka eyishumi wasungulwa.

Kulokhu, lo mcimbi umemezele ukuthi uzosebenza ngokubambisana nenxusa elisha, elidumile kanti futhi kungokokuqala ngqa ukwenza lokhu.

I-CTIFMF imemezele ukuthi intokazi engumlingisi nomethuli wezinhlelo uPearl Thusi izoba yinxusa labo lokuqala ngqa.

Lokhu kuvezwe emcimbini owubukhazikhazi obubanjelwe eKapa ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:Ushiye angalazi uPearl Thusi kwabagxeke umswenko wakhe

"Sikuthokozele ukumemezela uPeral Thusi njengenxusa lalo mcimbi kulo nyaka. Sikholwa wukuthi indlela ayiyona iwufanele lo mcimbi," kusho abahleli balo mcimbi ngesitatimende.

Lo mcimbi uzoqala ngomhlaka-12 kuya kumhlaka-21 ku-Okthoba kanti uzonikeza abahleli kanye nabaqophi bamafilimu bakuleli ithuba elihle lokuhlangana baphinde bacobelelane ngolwazi nozakwabo baphesheya.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...