UPearl Thusi ulandisa ngesigameko acishe abanjwa kuso inkunzi

2018-04-06 12:34

Cape Town - Usaziwayo wakuleli uPearl Thusi "akazange alimale" ngesikhathi ekhonjwe ngesibhamu ngumuntu abezama ukumbamba inkunzi eBraamfontein ngoLwesine.

Ngokusho kwalo mlingisi weScorpion King uthi ukhonjwe ngesibhamu esemotweni yakhe ngesikhathi emile elinde irobhothi ukuba livule eBraamfontein.

Echaza ngalesi sigameko enkundleni yezokuxhumana uTwitter, uthe: "Kunomuntu ongikhombe ngesibhamu ngisemotweni yami eBraam. Wathi angimnikeze umakhalekhukhwini wami kungenjalo uzongidubula. Nginqabile, ngabe sengisusa imoto ngahamba (ngenhlanhla irobhothi bese livulile). Ngiqale ukutatazela ngemuva kwemizuzu kwenzeke isigameko."

OLUNYE UDABA: UPearl Thusi ‘akanakuphawula’ ngokuqinisekisa kukaRobert Marawa ukuthi bahlukene

Lo mlingisikazi uthi into "emhlekisile" wukuthi akazange atatazele ngesikhathi kwenzeka konke lokhu. "Ngibonga uNkulunkulu ngoba ngisindile. Amen," esho.

Uqhube ngokuthi: "Mhlawumbe ubecabanga ukuthi angikwazi ukukhuluma isiZulu?! Mhlawumbe kumxakile ukungatatazeli kwami. Mhlawumbe isibhamu besingenazo izinhlamvu? Ngibonga impilo."

Ngesikhathi omunye umlandeli ebuza ukuthi usibonile yini isibhamu, uPearl uthe: "Yebo, ngisibonile. Kodwa sengike ngasebenza ngezibhamu ezingamathoyizi kweminye imidlalo engilingisa kuyo yingakho zingangisabisi."

Ekhuluma neThe Juice, lowo oyisikhulu seCapacity Relations, uSarit Tomlinsons, usiqinisekisile lesi sigameko wathi bayajabula ngoba uPearl akazange alimale.


- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...