UPearl Thusi ‘akanakuphawula’ ngokuqinisekisa kukaRobert Marawa ukuthi bahlukene

2017-08-07 11:02

Cape Town – NgeSonto kusihlwa umethuli wezinhlelo zezemidlalo, uRobert Marawa, ubhale kuTwitter ukuthi ubudlelwano babo bezothando nomlingisi wakuleli ophinde abe ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude, uPearl Thusi, sekuphelile.

“Ngingawaqinisekisa amahlebezi kanye nokuqagula kokuthi ubudlelwano bami no-Miss Pearl Thusi buphele ezinyangeni ezimbalwa ezedlulele. Siyaqhubeka nokuba abangani abahle kodwa,” ufundeka kanjalo lo mbhalo wakuTwitter.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Bekugcwele osaziwayo kugujwa olokuzalwa kukaPearl Thusi

IThe Juice ibe isithinta omele uPearl Thusi, uSarit Tomlinson, nothe lo methuli wohlelo lukamabonakude iLip Sync “akanakho uphawula” ngolokhu kuhlukana.

Ngaphambilini uPearl wagxeka kabi abezindaba ngokubika kwabo ngobudlelwano bakhe.

Sekuphele izinyanga kulokhu kunokuqagula ngesimo sobudlelwano balaba bobabili, kodwa lokhu kungokokuqala kuqinisekiswa oyedwa kubona.

Zifundele lo bhalo ofakwe kuTwitter ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...