UNtando Duma noBabes Wodumo bashiye abantu befuna impinda

2017-11-28 18:00

eThekwini - Zihlanyise izinkumbi zabantu izintokazi zakuleli ezihlanganyele ndawonye ngengoma entsha esishisa izikhotha.

UNtando Duma noBabes Wodumo, bebeshaya abadume ngakho ngesikhathi becula ingoma yabo ethi, Jiva phez’kombhede emcimbini iBring Summer Back.

Lo mcimbi obungowokuqala ukuba khona eThekwini, obubanjelwe eBlue Lagoon ngoMgqibelo ebusuku, ubuhanjelwe ngamakhulu abantu abathanda ubumnandi kanye nalabo abebevakashele kwelikabhanana ngale mpelasonto.

Ngokusho kwabahleli balo mcimbi - ungowokwendlalela eminye imicimbi yale sizini yamaholidi njengoba kwaziwa ukuthi miningi imicimbi ehlelwe ezindaweni ezahlukahlukene ukuze kujatshuliswe abantu.

Nebala basifezekisile isifiso sabo sokujabulisa abantu ngoba bekuboshelwe ngezintandokazi zodwa ezishaya umculo obizwa ngegqomu.

OLUNYE UDABA: Ubhekwe ngabomvu umcimbi ozoba seBlue Lagoon ngoMgqibelo

Abantu abakholwanga ngesikhathi uNtando ekhumula wasala nokwangaphansi benandisa noBabes beshaya ingoma.

Le ntokazi ingene esteji igqoke ingubo eveza okungaphansi okumhlophe idansa imidanso edume ngayo, abantu beyilingisa kubonakala ukuthi bayayithokozela le ngoma.

Lo mcimbi ububophele nangezintandokazi zegqomu iDistruction Boyz nayo eyenze ezibukwayo kwazise ingxenyana yabantu abebekulo mcimbi, ibiphethe amathawula alo leli qembu ukuze basule umjuluko njengoba kwaziwa ukuthi izingoma zabo zikushiya ujuluke uconsa.

Kwabanye osaziwayo abebekhona kubalwa uHappy Gal, kanti kuvale uKim Wabantwana osephenduke intandokazi ezindaweni zobumnandi eThekwini.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...