Unqatsheliwe u-e.tv uzama ukulaxaza izindaba za-6:30

2017-02-16 11:05

Cape Town – Isiteshi sikamabonakude esingakhokhelwa nesenza inzuzo, u-e.tv, sesikhale ngaphansi emzwamweni yaso yokulaxaza ukusakazwa kwezindaba zesiNgisi ngesikhathi esibalulekile (prime time) nalapho iningi lababukeli likhona ukubuka umabonakude.

Lokhu kuza njengoba inhlangano elawula ezokusakaza kuleli, i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa), ichithe isicelo se-e.tv, yaphinde yayalela lesi siteshi ukuthi siqhubeke nokusakaza izindaba ngesikhathi esibalulekile.

OLUNYE UDABA:Kuzuze u-etv ngokulahleka kwenqwaba yababukeli beSABC

Lesi siteshi sikamabonakude besifake isicelo sokuthi kuguqulwe imibandela yemvume yaso yokusakaza sikhala ngokwehla kwesibalo sababukeli bezindaba. Kodwa-ke i-Icasa isichithile lesi sicelo, yathi angeke kuwusize umphakathi ukungadlalwa kwezindaba ngesikhathi esibalulekile.

Ukwehla kwesibalo sababukeli bezindaba zaka-e.tv kungenzeka ukuthi kudalwe yizinqumo ezithathwe yinkampani ephethe lesi siteshi, i-eMedia Investments, njengoba esikhathi esingaphambilini ishintshashintshe kaniningi isikhathi okusakazwa ngaso izindaba kanye nendlela ezethulwa ngayo eminyakeni eyedlule.

Izindaba zesiNgisi ku-e.tv yizona ezazihamba phambi ngokubukelwa eNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi lesi siteshi sinqume ukufaka imidlalo yaso efana ne-Scandal kanye neRhythm City ngalesi sikhathi.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...