Umculi kaMaskandi usefuna ukugcwalisa iMoses Mabhida

2017-12-06 09:31

eThekwini - Umculi kaMaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose uhluleke ukuzibamba ezinkundleni zokuxhumana esongela uCassper Nyovest.

Lokhu kulandela imibiko ethi uNyovest usebheke ukuzogcwalisa inkundla iMoses Mabhida ngemuva kokufeza izifiso zakhe nge-FNB.

Ngempelasonto, uCassper uqophe umlando ngokugcwalisa inkundla yezemidlalo iFNB njengoba edalule ukuthi kuthengwe amathikithi angu-68000.

OLUNYE UDABA:Usolwa ngokudla imali yabantu uKhuzani Mpungose

Bekuqala ngqa emlandweni wakuleli ukuthi kube nomculi ogcwalisa le nkundla.

UCassper usezakhele igama kanye nodumo olukhulu ngemikhankaso yakhe ye-#FillUp kule minyaka emithathu eyedlule.

Yize bebaningi abakuthakasele ukwazi ukuthi uCassper usezoyaphi njengoba eselizongizile edolobha laseGoli, kunomculi kaMaskandi ongayithandi eyokuthi uCassper eze kwelikaMthaniya.

Enkundleni u-Instagram uKhuzani, uthi ufuna ukuyigcwalisa kuqala lenkundla yaseThekwini ngaphambi kokuba uCassper akwenze.

"Akukho Cassper wachanasa kwaZulu-Natal sikhona,"kubhala yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...