Unkosikazi kaMengameli uxoxe ngokuthi uZuma wamshela kanjani

2017-08-16 09:29

Cape Town – Umethuli wohlelo lwezingxoxo kuleli, u-Anele Mdoda, ube nengxoxo nenye yamakhosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uThobeka Madiba-Zuma, ngoMsombuluko, mhlaka-14 ku-Agasti. Le ngxoxo ibidlala bukhoma emoyeni ku-SABC3 ohlelweni iReal Talk with Anele.

UNkosikazi Madiba-Zuma uxoxe ngokuthi wahlangana kanjani nalowo osenguMengameli wezwe, uJacob Zuma, ngo-1993 ngesikhathi esebenza ebhange (uMadiba-Zuma) futhi eyikilayenti lakhe. Uphinde wachaza nangokuthi uZuma wayejwayele ukufonela ucingo lwasendlini lukamama wakhe futhi amushiyele nemiyalezo uma ngabe engekho.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni umka Mengameli osolwa ngokushaya

“Ngaleso sikhathi ngangisebenza futhi ngifunda ngesikhathi esifanayo. Ngangisebenza emini bese ngiya ezifundweni (ebusuku) futhi (ngenxa yalokho) ngangiba sekhaya ngokuhamba kwesikhathi kakhulu ebusuku… ngangiya ekhaya kanti umama wami wayethi: ‘KunoJacob Zuma ofonile.’ Ngobuso obuqondile, obungavezi imizwa futhi ngangibamba umoya. Kulungile, akangangibuzi ukuthi ‘ubani uJacob Zuma?’, ngoba uyedwa kuphela, owayebizwa ngevukelambuso (ngaleso sikhathi).”

Ngesikhathi u-Anele ebuza uNkosikazi kaMengameli ukuthi lokhu kwaqhubeka isikhathi esingakanani uthe: “Kwaqhubeka kwaze kwaba ngithi ‘Ngicabanga ukuthi kumele uzame ukufona uma ngabe ngisekhaya.’ Ngakho kwakumele athole ukuthi yisiphi isikhathi engizoba ngaso ekhaya bese eyafonake.”

UThobeka kanye noMengameli Jacob Zuma baqala bathandana kwase kwaba nesithembiso somshado kanye nokulobola ngaphambi kokuba bagcine beshadile ngonyaka ka-2010.

Zibonele ezinye zezithombe ezafakwa ku-Instagram zosuku lomshado ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...