Ungqongqoshe usehalalise iBlack Mambazo ngokuqokelwa kumaGrammy

2017-11-29 14:01

Johannesburg – Iqembu lomculo wesicathamiya laseNingizimu Afrika elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo, iphinde yaphakanyiselwa izindondo ezimbili zamaGrammy Awards azobanjwa ngonyaka ozayo. 

Leli qembu liqokelwe emunxeni iBest World Music Album nge-albhamu yalo esihloko sithi Shaka Zulu Revisited: 30th Anniversary Celebration, kanye nakwiBest Childrens Album ngeSongs Of Peace & Love For Kids & Parents Around The World

ILadysmith Black Mambazo isivele inezindondo ezine zamaGrammy, kanti eyokuqala yayithola ngo-1988 nge-albhamu yayo ethi Shaka Zulu eyabe iphrojuswe nguPaul Simon.

Umcimbi wamaGrammy kulindeleke ukuba ubanjwe ngomhlaka-28 Januwari 2018.  

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uBongiwe Sithole-Moloi uhalalisele leli qembu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi liqokelwe kulezi zindondo.

“ILadysmith Black Mambazo iyaqhubeka nokuqopha umlando ngomculo wayo ohamba amazwe ngamazwe, ngisho noma uDkt Joseph Shabalala esathatha umhlalaphansi.

"Intsha iyanxuswa ukuba ibukele kuleli qembu lomculo njengoba selikutshengise kaningi ukuthi ukwenza into ehlukile nokuziqhenya ngendawo ophuma kuyo kuhle," kusho uSithole-Moloi.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...