Umunyu uKelly Khumalo evalelisa uRobbie Malinga ngengoma

2018-01-02 11:08

eThekwini - Uyaqhubeka umngcwabo womdidiyeli wengoma uRobbie Malinga eGrace Bible Church eSoweto namuhla.

Le nkakha  idule emhlabeni ngoKhisimusi ihleli nomndeni kanye nabangani asondelene nabo.

Ngemuva kokudlula kwakhe emhlabeni, umndeni wakhe ukhiphe isitatimende sokuthi lo mculi ubenesifo somdlavuza okwatholakala ngo-Juni wangu-2016 ukuthi unayo.

Kulezizi zinyanga ezimbalwa ezedlule lomculi, ubexinwe kakhulu wukugula, ephuma engena esibhedlela nokuyinto ebikhathaza kakhulu abalandeli bakhe.

Yize bekagula, uRobbie wayezimisele ukulwa nokufa kwaze kwaba yisekugcineni.

OLUNYE UDABA:"Umkami usemncane kabi ukuthi angashiywa wumyeni wakhe, ngizoqinisela," uRobbie Malinga

NgoLwesihlanu mhlazingu-29 Disemba, umndeni nabangani bebehlanganyele kulo leli sonto lapho bekunenkonzo yesikhumbuzo salo mculi.

Namuhla, izikhulu kwezomculo kanye nabathandi bale nkakha bashiyelana inkundla bencoma amagalelo akhe.

UKaizer Kganyago okhulumela i-SABC uthe uRobbie uyena obebhala izingoma zezinhlelo eziningi ezifana noZalo.

Nabaculi abake basebenzisana nale nkakha bamvalelise ngezingoma abazenza ndawonye naye.

UKelly Khumalo ukhale mi izinyembezi evalelisa uRobbie Malinga ngengoma abebeyicula ndawonye.

Luyaqhubeka uhlelo lo mngcwabo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...