Umsolwa 'uvume' ukuthi wayekhona kwesokubulawa kukaDumi Masilela

2017-09-07 16:00

Johannesburg - Omunye wabasolwa ababandakanyeka ecaleni lokubulala umlingisi, uDumi Masilela, kusolwa ukuthi uzivumele ngokwakhe emaphoyiseni ngokuba khona endaweni yesigameko sokubulawa kwakhe.

UMfundo Nkosi, ongomunye wabasolwa, uvele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoLwesithathu ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kukaMasilela, kanti kusolwa ukuthi wayeyingxenye yezigebengu ezingu-6 ezazidune imoto yohlobo lwe-Jeep eDaveyton ngaphambi kokudutshulwa kukaMasilela, eTembisa.

UNkosi uvele kanye noBongani Masombuka izolo enkantolo. Bobabili babhekene necala lokuphanga.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abasolwa ngokubulala uDumi Masilela: IMeya

Ngokombiko ovele enkantolo, uNkosi wazivumela ngokwakhe emaphoyiseni ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni kulandela ukuzwa ukuthi kuboshwe uMasombuka.

Umseshi uMthokozisi Ngwenya, uthi umnikazi wemoto i-Jeep wayesemotweni kanye nezinye izigebengu ngesikhathi bezama ukuduna imoto kaMasilela.

Ekuvumeni kwakhe uNkosi, ngokusho kwamaphoyisa, uthe wayekhona ngesikhathi kudutshulwa uMasilela, kodwa akusiye owadubula.

UMasilela wadutshulwa wabulawa yizigebengu ezazizama ukuduna imoto yakhe, waphuthunyiswa esibhedlela lapho ashonela khona ekuqaleni kwenyanga ka-Agasti.

UMasilela ubedlala indawo kaSifiso Ngema kwi-Rhythm City.

 - Sunday World

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...