Umsolwa nommangali bavule isifuba ‘ngokushaywa kuka-Cici ngu-Arthur’

2017-06-23 07:01

Cape Town – Inkakha yomculi weKwaito ophinde abe ngumlingisi, u-Arthur Mafokate kanye nesinqandamathe sakhe esingumculi, uCiCi, sebevule isifuba kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi u-Arthur washaya uCici.

Lokhu kwathusa abantu abaningi njengoba lezi zithandani zazithathwa njengabantu abajabulile.

Babonakala behamba ndawonye ngonyaka odlule ngesikhathi uCiCi ewina indondo yeBest RnB Album and Best Styled Artist kuma-Metro FM Awards kanjalo nakulo nyaka emcimbini wama-Sama.

Ngemuva kokusabalala kwale mibiko laba bobabili sebephumele obala babeka izinhlangothi zabo ngokwehlukana.

OLUNYE UDABA: Izinxushuxhushu ngohambo lukaBabes Wodumo

U-Arthur ube nengxoxo nephephabhuku iDrum kanti uCiCi yena ukhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana.

Engxoxweni yakhe ne-Drum, u-Arthur uthe yena akasiyena umhlukumezi kodwa wavuma ukuthi kwaba khona “isigameko” wabe esethi: “Okunguhlukumezayo ukuthi ihora ngaphambi kwesigameko sasisothandweni futhi sangana. Isigameko senzeka futhi impilo yami yashintsha.”

Esitatimendeni asikhiphe ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu, uCiCi uthe: “Ngiyazichitha izinsolo zokuthi mina noMnumzane Arthur Mafokate sesixolelene futhi sakudlulisa okwenzeka.

"Ngiphinda ngiyazichitha izinsolo zokuthi ngiwahoxisile amacala abekwe u-Arthur njengoba kubikiwe kwabezindaba.

"Ngokwazi kwami, amacala abekwe u-Arthur asaqhubeka futhi anginazo izinhloso zokuwahoxisa.”

Zifundele lesi sitatimende esiphelele ngezansi: 

- Child Magazine

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...