Umsindo ngengane ebonakale iphuza utshwala ohlelweni i-OPW

2017-02-28 16:00

Johannesburg - Kushaqeke abantu abaningi ngesikhathi kuvela ingane iphuza ubhiya ohlelweni i-Our Perfect Wedding oludlala njalo ngeSonto kuMzansi Magic.

Ngesikhathi umethuli wohlelo, uThembisa Mdoda, exoxisana nothile kulolu hlelo, kubonakale iqulu lezingane zijabulela ukuba phambi kwamakhamera.

Kusenjalo, enye yezingane iphakamise ikani likabhiya wohlobo lweCastle Lite, yawuphuza.

Ababukeli balolu hlelo emakhaya bangene ezinkundleni zokuxhumana bekhuluma ngale ngane.

Abantu bezwakalise ukudinwa kwabo, bebuza nokuthi ngabe ithimba labadidiyeli bohlelo alisibonanga yini lesi sigameko.

OLUNYE UDABA: I-DA ithi uNdunankulu kumele asuke ngokushona kweziguli

Abenkampani ekhiqiza iCastle Lite SA bakhiphe isitatimende bethi abahambisani nokuthi izingane ziphuze utshwala.

Iyinkinga indaba yokuphuza utshwala kwezingane eNingizimu Afrika.

Ngokocwaningo lwango-2015 olwenziwa yi-University of Limpopo, olwashicilelwa yi-African Journal of Primary Health Care & Family Medicine, kwavela ukuthi u-35.5% wezingane zabafana ezifunda isikole no-29.7% wezamantombazane eziphuza utshwala.  

UNondumiso Mabece, oyinhloko yezokuxhumana kwi-M-Net, utshele iDaily Sun ukuthi abahambisani nokuphuza utshwala kwezingane.

- Sunday World

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-20°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-17°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...