UMseleku uqinisekise eyokuthi uMaYeni ucele isehlukaniso

2018-02-09 16:01

Johannesburg - Isiqephu sayizolo sohlelo olungaconsi phansi kwabaningi kuleli, Uthando Nesithembu, sishiye abaningi benemibuzo ngesikhathi kuvezwa amazwibela angesonto elizayo omunye wamakhosikazi ecela isehlukaniso.

UMusa Mseleku uqinisekisile kwiTshisaLIVE ukuthi unkosikazi wakhe wesibili uMaYeni ucelile ukuthi behlukanise kepha wangenaba ngemininingwane.

Uthi unkosikazi wakhe ucele idivosi waveza nokuthi akajabule njengoba esesithenjini.

UMseleku uthi akakwazi ukugeqa amagula ngokuzolandela kulolu hlelo ngenxa yesibophezelo asenza noMzansi Magic ngesikhathi besayina inkontileka, kepha waqinisekisa ukuthi impela uMaYeni ucele idivosi.

OLUNYE UDABA: Bayazifela abakuleli ngoMaKhumalo woThando neS'thembu

"Angeke ngikwazi ukuphawula kuze kube konke kuvela ohlelweni. Sonke sithukile, kepha singathini?

"Uveze ukuthi akathokozile kulo mshado. Ngiyacabanga ukuthi yikho okuholele kulesi sinqumo sakhe. Konke enikubona ohlelweni kuyinto yangempela, akulingiswa.

"Ungitshele ukuthi akajabule futhi izinto azihambi kahle, kepha abantu kumele babukele uhlelo ukuze bathole isiphetho sale ndaba," kusho uMseleku.

Abantu bazwakalise ukushaqeka kulandela ukuvela kwamazwibela esiqephu esilandelayo:

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...