Umsangano wonke lo eniwuzwayo ngami – R Kelly

2017-07-29 14:57

Cape Town – Umculi odume umhlaba wonke ngamaculo akhe kanjalo nekhono lokubhala umculo, uR. Kelly, uqophe i-video ebhekiswe kubalandeli bakhe wayifaka enkundleni yezokuxhumana uTwitter ngoLwesihlanu.

Kule video uKelly uthi: “Ninjani? UKelly lo, futhi ngithanda ukunazisa ukuthi konke lokhu enikuzwayo ngami kungumbhedo nje. Ngiyeza e-East Coast ngizonandisa. Ngikholweni uma ngithi yonke le nto wumsangano.

“Siyezwana? Ngiyethemba ukuthi izobonana uma senginandisa. Ngiyanithanda nonke.”

Nansi i-video:

le video iza ngemuva kokuthi lo mculi ongaconsi phansi kwabaningi kwavela izinsolo ngaye kuthiwa uphoqa abantu besifazane ukuba bahlale naye kwakhe.

 Ngokombiko wophenyo olwenziwe yiBuzzfeed News, lesi sihlabani se-RnB kubikwa ukuthi sihlala namantombazane emzini waso.

Kuthiwa la mantombazane uR Kelly uyawahlukumeza aphinde awenzise nocansi engathandi. Kubikwa ukuthi kunesikompilo oluphilwayo (cult) kanye nemithetho elandelwa abesifazane abahlala nalo mculi.

IBuzzfeed  yacaphuna abazali abahlukene abathi amadodakazi abo wonke akhohliswe uR Kelly nokuthiwa ulawula yonke into ngezimpilo zawo.

Ngokusho kwabanye babazali, sekunesikhathi bezama ngayo yonke indlela ukuthi indodakazi yabo eneminyaka engu-21 ubudala ibuyele ekhaya ngemuva kokuthi yathuthela kwenye yezindlu zikaR Kelly.

Kodwa-ke inkinga abanayo ukuthi abakwazi ukubika le ndodakazi yabo njengomuntu odukile njengoba kubikwa ukuthi iziphilela kahle futhi ihlala kule ndlu ngokuthanda kwayo.

 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...