Umsakazo weseke usomahlaya wamncoma nangogqozi lwakhe

2017-09-22 12:31

eGoli - Umsakazo iJacaranda FM ukhiphe isitatimende ngoLwesine ebusuku ngaphansi kwenkampani eyengamele, iKagiso Media, ngodaba lomunye wabasakazi, uTumi Morake.

Umphathi wale nkampani uMark Harris uthe imisakazo yabo, kanye nazo zonke iziteshi ezingaphansi kwabo zinikeza abantu ithuba lokuthi bakhulume okungaphakathi kubo.

"Indawo esisebenzela kuyo isinika ithuba lokuthi sixhumane nabantu abahlukahlukene ngaphansi kwezimo ezahlukene futhi kuvele nemibono engafani.

"Inhloso yethu wukuqhubeka nokuhlanganisa abantu kuvaleke lesi sikhala esivulekile emiphakathini, esikhundleni sokuba siqhubeke nokwandisa lesi sikhala esivulekile. Sikholwa wukuthi imibono yomphakathi kumele izwakale ukuze bonke abantu abathintekayo bakwazi ukubhekana nezinto esibhekene nazo siyizwe," kubhala yena.

Uthi lokhu yikona okuzokwakha ubumbano emphakathi.

OLUNYE UDABA:Ucishe waphenduka “iphara” umsakazi woKhozi eMelika

"Uma abezindaba bengazinaki izinkinga esibhekene nazo siyizwe, ipolotiki esihlukanisayo izoqhubeka yande nokuyiyonanto eyandisa kakhulu uqhekeko emphakathini nakwezomnotho," kuqhubeka yena.

“IKagiso Media kumele imhalalisele uTumi Morake ngokuthi akagcinanga kuphela ngokubeka iphuzu lakhe ngombono wakhe mayelana nomthelela kahulumeni wobandlululo, kodwa wazinikela ekutheni abe nengxoxo ngalokhu. Ngale kokugxekwa kwakhe, wukusatshiswa ngabantu abamele ezinye izinhlangano emiphakathini."

UMorake ukuvezile ukuthi uthole ukuhlukunyezwa ngabalaleli abebediniwe. Uthe ngeke axolise ngokumela indlu emnyama kodwa lokho akusho ukuthi uzonda abamhlophe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...