Umsakazi ukuqinisekisile ukuthi unomdlavuza

2017-09-29 12:31

Johannesburg – Umsakazi uXolani Gwala ukhulume ohlelweni lukazwakwabo uStephen Grootes emsakazweni i-702 ngoLwesihlanu, eqinisekisa ukuthi odokotela bathole ukuthi unomdlavuza wamathumbu osukapakele esibindini.

“Ngemuva kokuxilongwa okunzulu bathola ukuthi nginomdlavu wamathumbu osuhambe waze wakapakela kwenye ingxenye yomzimba,” esho. 

Lo msakazi uphinde wachaza nokuthi useke wahlinzwa ukususa isimila. "Kusekuningi okudinga ukwenziwa, ngesonto elizayo nje ngiyoqala i-chemo therapy. Kungenzeka ukuthi ngiphinde ngihlinzwe futhi ngesikhathi esizayo," esho.

Evuma ukuthi ukutholakala kwalesi sifo kuye kwaba yinto eyenzeka ngokuphazima kweso futhi ayengayilindele, uGwala uthe uzimisele ngokulwa: "Kuzokuba yimpi enzima futhi ende, kepha ngiyilungele."

Ube esebonga odokotela ngokumnakekela, ikakhulukazi umndeni wakhe nabangani ngokumeseka njengoba ebhekene nalobu bunzima.

Uthi okummangaze kakhulu indlela lesi sifo esitholakale ngayo njengoba yena ebezizwa engumqemane.

Lalela uGwala echaza kabanzi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...