UMrs Tourism Africa uyomela elakuleli phesheya kwezilwandle

2017-10-09 19:29

eThekwini - Ulibangisa phesheya kwezilwandle unobuhle wakuleli, nakube kube khona izihibe phambilini kodwa akaphelanga mandla u-Mrs Tourism Africa 2017.

Lo zime ogama lakhe nguNtombi Gumede, 36, Uthole ithuba eliyinqayizivele ukuthi eyomela elakuleli kunobuhle wezokuvakasha ozokuba se-Philippines njengoba kunguyena kuphela omnyama oqhamuka eNingizimu Afrika.

Le ntokazi engeyokuzalwa elokishini laseNanda enyakatho nedolobha leTheku inguMrs Tourism Africa 2017 futhi ungu-DJ odume ngelikaMadam kulo msebenzi.

UGumede ulibangise ePhilippines lapho eyomela khona iNingizimu Afrika kuzime wonobuhle owaziwa nge-Tourism Pageants ePhillippines ozokuba ngomhlaka-19 Okthoba.

OLUNYE UDABA:Kuhlelwa uzime wezintokazi ezondlekile

“Ngijabule kakhulu ngaleli thuba ngiyomela iNingizimu Afrika, ngiyakholelwa kumina kanye nokusekwa umndeni kanye nabangani ngiyathembisa ukuthi isicoco ngizobuya naso ngisilethe lapha ekahaya.

"Ngibonga kakhulu kwabangisekile kulolu hambo. Bengingenalo ngisho isenti njengoba kuyizindleko ukuya phesheya kodwa abasondelene nami kanye nomyeni wami bakwazile ukungixhasa ezintweni ebengizidinga” Kusho uNkkz Ntombi Gumede.

Lo zime  unezigaba ezine okubalwa kuzo uMrs Tourism International, Mrs Universe, Mrs Tourism Earth kanye no-Mrs Global Ambassador.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...