Umrepha uthi uzimisele ngokumshada umama wezingane zakhe

2018-02-02 11:00

Cape Town - Umrepha uMthembeni "Emtee" Ndevu, 25, nentombi yakhe uNicole Chinsamy, 22, babusiswe ngendodana yabo yesibili uLogan ngomhlaka-30 Januwari.

UNicole engxoxweni abenayo nabephephabhuku iDrum uthe wayeshaqekile ngesikhathi ethola ukuthi ukhulelwe ingane yesibili.

"Ngathuka ngoba ngisasesikoleni futhi nokukhulelwa kwakungahleliwe."

UNicole wenza unyaka wakhe wesibili ezifundweni zeFashion Design, eSew Africa.

OLUNYE UDABA:Besingenhla isikhwele kumama wengane ka-Emtee esaphaza umlandeli

Nakuba kunjalo u-Emtee wayejabulile ukuthola ukuthi usezoba ngubaba okwesibili benenye ingane yomfana eneminyaka emibili ubudala.

Lezi zithandani sezithandane iminyaka ebalelwa kweyisithupha.

U-Emtee udalule nokuthi engakujabulela ukushada uNicole maduze kodwa uNicole usafuna ukuqeda izifundo zakhe aqale nebhizinisi lakhe ngaphambi kokuba babophe ifindo likasofasilahlane.

 - INSTAGRAM:

??

A post shared by eMTee De Hustla (@emteethehustla) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...