Umrepha ubusiswe ngengane yesikhombisa

2016-03-29 12:34

New York – Umrepha u-T.I. wamukele ingane yesikhombisa nonkosikazi wakhe uTameka 'Tiny' Cottle, okuyingane yesithathu yalezi zithandani ndawonye. Le ngane iyintombazane.

U-T.I. oneminyaka engu-35 ubudala – ogama lakhe langempela nguClifford Joseph Harris Jr – akajabule ngokuthi lezi zindaba ziputshuke ngaphambi kokuthi azimemezele ngokusemthethweni.

OLUNYE UDABA: Usaziwayo ubusiswe ngengane yentombazane

Ubhale enkundleni yezokuxhumana uFacebook wathi: ''Okungicika kakhulu ukuthi unkosikazi wami ubelethe ngingekho, angazi kushiwo kanjani ukuthi ‘u-T.I. nomkakhe bamukele indodakazi yabo emhlabeni’. Asikwazanga nokumemezela ngokusemthethweni.”

Lezi zithandani zinamadodana amabili ndawonye oCilfford 'King' Jr., 11, noMajor Philant, 7, kwathi enye indodakazi yabo yabelethwa isishonile ngo-2007.

- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...