Umrepha ubusiswe ngengane ka-15

2016-08-23 14:29

New York – Umrepha waseMelika, u-Earl Simmons, odume kwezomculo ngelika-DMX, wamukele ingane yakhe ka-15 nentombi yakhe.

Intombi yalo mrepha uDesiree Lindstrom, ubelethe ngoLwesihlanu eNew York City, kusho umbiko we-TMZ.

Indodana ka-DMX, u-Exodus Simmons, ibelethwe ubaba wayo engekho eyonandisa eThe Pressroom. 

OLUNYE UDABA: Umrepha ubusiswe ngengane yesikhombisa

Lo mrepha, 45, uthe uma ethola lezi zindaba waphuthuma eNew York ebusuku.

Le yingane yokuqala phakathi kuka-DMX noLindstrom.

U-DMX uhlukanise nonkosikazi wakhe abengasahlali naye uTashera Simmons eminyakeni emibili eyedlule, ngemuva kweminyaka engu-11 beshadile.

Lo mrepha wake waba semaphepheni kubikwa ukuthi uyehluleka ukondla izingane zakhe.

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...